Noma Kunjalo: (Isiqeshana) Poem by Zeh SheZ

Noma Kunjalo: (Isiqeshana)

Kulemihla imicabango kaNomvula ilokhu isithibezwa ukuvelela kobuso bomuntu othize. Ngisho angabudlulisa lobubuso, agxilise umqondo wakhe kezinye izinto, kepha isithombe salomuntu sibuya sisithe konke okunye akucabangayo. Laphoke usuka azithole ezibuza ukuthi kungani?

Lomuntu akamazi ngisho igama lakhe, ngisho nesibongo nje. Kungani pho isifanekiso sakhe savele saba yimbelesela kanje kuye na? Yebo bahamba inkonzo ndawonye. Kepha ukuphela kwento ayaziyo ngaye leyo, kwazise uNomvula ungumafik'izolo kulelibandla.

Phela, unoMvula kade wadlula ebutshitshini. Futhi-ke nje, ubekade endile, kepha kwamguqukela esiswini, wagcina ebuyisile. Ukusukela lapho wazibophezela ekuthini akasekuphinde azithole engena kulowo noxhaka. Kepha nansi inzukaskeyi yobuso bomlisa bubelesele bo! Futhi hayi kabi.

(Iyoqhutshwa ngenye imini lendatshana)

POET'S NOTES ABOUT THE POEM
This is freestyling about lost love, and love unacknowledged and dismissed.
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success